Umnyango Wobuciko, amasiko, Isayensi Nobuchwepheshe wamiswa ngo-1994 wase uhlukana uba Ngumnyango Wezobuciko Namasiko kanye Nomnyango Wesayensi Nobuchwepheshe ngo-2002.
Inhloso yale Manyule ukubonisa izakhiwo kanye nemisebenzi Yomnyango nokuchaza izinhlelo zayo zamarekhodi ukulunganisa izinhloso ze-PAIA.
j izaziso ezinikezwe ngokulandela izigaba zama-22 kanye nama-54 ngokuphathelene nezindleko okumele zikhokhwe ngokuphathelene nesicelo sokufinyelela; kanye k nemitheshwana eyenziwe ngokulandela isigaba sama-92 Somthetho.
Umhlahlandlela ungatholakala KuKhomishani Yamalungelo Esintu.
Ukufinyelela kwamnye amarekhodi agcinwe yibandla kumele acelwe ku-Ofisa Yolwazi ngokulandela izinqubo ezichazwe kuzigaba ze-17 ukuya kwe-32 Somthetho. Bheka iminingwane yokuxhumana Ye-Ofisa Yolwazi esigabeni sesi- 3.
Amafomu okufaka izicelo abekiwe angatholakala KuPhimi Le-Ofisa Yolwazi Yomnyango Wezobuciko Namasiko. Bheka isigaba se-3.
Ukufinyelelea okuhlolwayo ukufinyelela kunikezwa ezindaweni ezikhethiwe ezifana nezindlu zokufundela ngaphansi kobuhloli belungu labasebenzi, elikwazi ukunikeza ukweluleka ngokukhishwa kanye nokufakwa kwingqikithi kolwazi kumarekhodi kanye nokwakudala okugciniwe.
Inhloso Yomnyango ukuthuthikisa nokugcina amasiko aseningizimu Afrika ukuqinisekisa ukubumbana nokwakha isizwe.
Ukuthuthukisa nokuqhubekisa ezobuciko namasiko eNingizimu Afrika kanye nokuqondiswa igunya lawo lokuthuthukisa ezenhlalonhle.
Ukuthuthukisa nokuqhubekisa izilimi ezisemthethweni zaseNingizimu Afrika bese kukhulisa ukwehluka kwezilimi zezwe.
Ukwenza ngcono amathuba ezomnotho kanye nokunye ukuthuthuka ngokuphathelene nobuciko namasiko aseNingizimu Afrika kuzwelonke nakumazwe ngamazwe ngokusebenza ngokuhlanganyela okunenzuzo, ngaloko kuba khona ukuxhaswa kwesigaba.
Ukuthuthuikisa nokubheka ukusetshenziswa kwenqubomgomo, umthetho kanye nenkomba yamasu yokubonisa, ukonga kanye nokuthuthukisa amagugu esizwe osikompilo.
Ukuhlahla, ukuxhasa kanye nokuthuthukisa imithombo yokugciniwe kwakudala, nokuphathelene nomsebenzi nolwazi kwesizwe ukunikeza izakhamuzi amandla okufinyelela ngokugcwele kanye nangokuvulekile kule mithombo.
Ukunikeza kokusizayo kokuthola kanye nemibhalo ephathelene nokugciniwe kwakudala ngokuphathelene namatherifi abekiwe Ohlwini Lokushicilela oluthengiswayo.
Ezinye izinsiza zinikezwa ngamabandla kahulumeni kuphela, isib. Izinsiza zokuphatha amarekhodi, ukuqeqeshwa kwamamenenja amarekhodi kanye nokunikezwa kokugciniwe kwakudala.
Amarekhodi emiphakathi aphethwe ngabaugcina okungamagugu okungaphezu kweminyaka engama-20.
Amarekhodi okuqhubeka enkantolo kanye nempahkla yabashonile.
Imibiko Yomnyango Yonyaka ngonyaka.
Imibhalo Yokuphatha amarekhodi etholakalayo kuwebhusayidi ye-NARS.
